Ukwethula isethulo ngomlomo kukunika elinye ithuba lokugcizelela lokho okushilo esethulweni osibhalile kanye nokuvumela ikomidi ukuthi licacise amaphuzu owabeke esethulweni. Uma ikomidi linqume ukuzwa isethulo sakho, uNobhala weKomidi uzokuthinta bese enza amalungiselelo okuzwa isethulo sakho esethulwa ngomlomo.
Izethulo zomlomo zingethulwa futhi eziMbizweni zoMphakathi ezibanjwa amaKomidi.
Ikomidi/amakomidi aqondene nalokhu abe esebheka ubufakazi noma imibono okwabelwane ngayo Embizweni bese edingida okuqukethwe izethulo.
Uma uvo luxhaswa abantu abaningi futhi lufanelekile, lowo mcabango noma leyo ndaba isethubeni lokuthi ifakwe emsebenzini walelo Komidi/ walawo maKomidi afanele.
Ikomidi/amaKomidi azothatha isinqumo sokugcina mayelana nokufaneleka kodaba.
Indlela yokwethula izethulo zomlomo iyehluka phakathi kwamakomidi futhi incike ohlotsheni lodaba okukhulunywa ngalo.
Ukulungiselela ukwenza isethulo sakho esethulwa ngomlomo - Njengoba imihlangano yakakomidi ngokujwayelekile ivuleleka emphakathini kanye nabezindaba, ungafisa ukwethamela omunye wale mihlangano ngaphambili kokuthi wethule isethulo sakho esethulwa ngomlomo. Ngosuku lwesethulo sakho esethulwa ngomlomo, fi ka ngaphambili kwesikhathi. Kuyisu elihle ukuthi uhlele ozokwethula ukuze ukwazi ukwethula wonke amaphuzu afanelekile bese ushiya isikhathi esanele semibuzo.
Izinsiza zokubona - Amagumbi amakomidi ePhalamende afakwe izinsiza zokuzwa nokubona futhi isethulo sakho somlomo singazwakala kahle kakhulu uma siqiniswa izinsiza zokuzwa nokubona.
Ulimi - Ungethula isethulo sakho esethulwa ngomlomo nganoma iluphi ulimi olusemthethweni lwaseNingizimu Afrika. Yazisa iKomidi ngolimi olukhethile ngaphambi kwesikhathi ukuze iPhalamende lenze amalungiselelo okutolikelwa adingekayo.
Imibuzo - Zilungiselele imibuzo eqhamuka kumaLungu eKomidi. Kuwumqondo omuhle ukuthi ucabange ngemibuzo okungenzeka ibuzwe futhi uzilungiselele ukuyiphendula.
Isikhathi osinikeziwe - Ungaxoxisana ngesikhathi osinikeziwe noNobhala weKomidi ngaphambi kwesikhathi. Ikomidi lithatha isinqumo sokugcina ngesikhathi osinikezelwa ukwenza izethulo ezethulwa ngomlomo.
Bamba iqhaza ePhalamende. Yenza izwi lakho lizwakale.
Ingabe uyafisa ukuvela phambili kweKomidi?
UMthethosisekelo waseNingizimu Afrika uvumela ukuhlinzekwa kokubandakanywa komphakathi ekwenziweni komthetho, ukwengamela kanye nezinye izinhlelo zePhalamende. Uhlelo lwentandoyeningi lweNingizimu Afrika aluhlinzeki kuphela ngokuthi izakhamizi zikhethe abazozimela kuphela, kodwa luphinde luvumele izakhamuzi ukuthi zibe nezwi ezintweni ezizithintayo.
Ukuze izethulo eziphuma emphakathini ziphumelele, kumele kulandelwe ngokucophelela okuqukethwe kanye nendlela ezibhalwe ngayo.
Kubalulekile ukuthi isethulo sifundeke futhi siqondwe kalula ngamaLungu eKomidi.
Isethulo esiza ePhalamende ukwethulwa kwemibono noma kwemicabango ngodaba oluthile noma ngengxenye yomthetho osacutshungulwa yikomidi lePhalamende.
Izethulo zingethulwa ngolimi lwakho oluthandayo.
Izethulo zivamise ukubhalwa phansi. Zingaqiniswa ngokwethulwa ngomlomo ekomidini, uma umuntu noma iqembu elilethe isethulo limenywa ukuthi lisethule ngomlomo.
Ukuletha izethulo kudala ithuba kunoma iliphi ilungu lomndeni ukuhlongoza izinguquko noma ukuphakamisa okungase kwenziwe ukuze kuqinisekiswe ukuthi imithetho ephasiswe yiPhalamende noma nanoma iluphi udaba olucutshungulwa iPhalamende, luyayifeza inhloso yalo.
Njengoba ingekho indlela ebekiwe elandelwayo yokulethwa kwesethulo ekomidi, kumele sicatshangisiswe kahle futhi kube lula ukusifunda.
Isihloko - Nika isihloko sesethulo sakho igama lekomidi esiqondiswe kulo kanye nesihloko esiphelele soMthethosivivinywa noma sendaba.
Sivela kubani - Beka ngokucacile ukuthi isethulo sivela kubani. Nikeza igama lakho noma lenhlangano oyimele?
Imininingwane Yokuthintana - Faka ikheli lokuxhumana kanye nenombolo yocingo oyisebenzisa emini. Uma, ngenxa yezizathu eziyimfi hlo ungafisi ukuthi leyo miningwane yethulelwe umphakathi kanye nesethulo sakho, bhala leyo miningwane encwadini ehamba nesethulo sakho bese ungabe usayibhala esethulweni uqobo lwaso.
yini ithuba lokukhuluma nekomidi mathupha. Uma umele inhlangano futhi ufi sa ukuthi nabanye bavele kanye nawe phambi kwekomidi, okungaba ukukuxhasa noma ukukhuluma, faka namagama abo kanye nendima yabo.
Inhlangano yakho - Uma ubhala umele inhlangano, nikeza imininingwane kafushane ngezinhloso zenhlangano, ubulungu kanye nokwakheka kwayo. Qinisekisa ukuthi unegunya lokwenza lokhu bese ubhala isikhundla sakho ngaphakathi enhlanganweni.
Ubani omunye okuxhasayo - Ungabhala ukuthi uxoxisane nabantu abangaphi ngesikhathi ubhala isethulo. Isethulo sakho singaba nesisindo uma sisekelwa abantu abaningi?
Uma ubhala isethulo esiya ekomidini, ngokujwayelekile uzobe ubeka umbono ngokuphathelene noMthethosivivinywa noma udaba olusematheni. Noma kunomehluko kwindlela isethulo soMthethosivivinywa esibhalwa ngayo, kunemigomo eyisisekelo esebenzayo.
Ukusetshenziswa kolimi - Sebenzisa ulimi oluhloniphekile. Isethulo esisebenzisa ulimi olunyundelayo noma olungenanhlonipho angeke semukeleke.
Ukuhambisana nokukhulunywa ngako - Gxila kwiphuzu. Isethulo sakho kumele sihambisane nalokho okudingidwayo. Ikomidi linganquma ukushaya indiva isethulo esingahambisani nalokho okukhulunywa ngakho.
Ukucacisa - Hlela imisho kanye nezigatshana zakho ngokulandelana. Zama ukwethula inkulumo ecacile futhi nebekwe ngokulandelana. Isethulo esijomba sisuke kolunye udaba siye kolunye bese sibuyela emuva futhi noma esixube ndawonye izinto ezingahlangani singaba yindida bese sinciphisa namandla aso.
Ukubeka ngamafuphi - Beka ngendlela elula neqondile. Ungabhali ngaphezu kwalokho okunesidingo. Isethulo eside ngokweqile singenza buthakathaka amaphuzu abalulekile ofisa ukukhuluma ngawo. Ikomidi lifuna ukwazi ukuthi ucabangani kanye nobufakazi noma amaphuzu onawo axhasa umbono wakho.
Ukubeka okuyiqiniso - Beka ngeqiniso nangokuphelele. Qoqa bese wenza ucwaningo ngayo yonke imininingwane ehambisanayo ngokuphelele. Yenza isiqiniseko sokuthi okubhalile nguyiqiniso. Isethulo esinamaphutha amaningi sizonciphisa kakhulu amandla aso.
Isiphetho - Qoqa ndawonye noma bhala uhla lwamaphuzu akho abalulekile esiphethweni ekupheleni kwesethulo noma endikimbeni yamaphuzu esekuqaleni.
Ukuthumela isethulo sakho - Isethulo sakho kumele sifike ekomidi ngosuku noma ngaphambi kosuku lokuvalwa kokulethwa kwezethulo, futhi kumele sithunyelwe kuNobhala weKomidi elifanele.
